Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 5:12 - IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke abantu bahlakazeka kulo lonke iGibhithe ukuyoqoqa izinhlanga esikhundleni sotshani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona-ke abantu bahlakazeka ezweni lonke laseGibhithe ukuze babuthe izinhlanga esikhundleni sotshani.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 5:12
9 Referans Kwoze  

Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga,


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


Bagqabashiya kube sengathi ngumsindo wezinqola ezicongweni zezintaba, nanjengomsindo welangabi lomlilo ongqongqisa amahlanga, banjengabantu abanamandla abavivela ukulwa.


Bheka, sebefana namabibi eshiswa ngumlilo, abakwazi ukuzisindisa emandleni elangabi, akusilo ilahle lokuba lothiwe, akusiwo nomlilo wokuba uwothe.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Hambani nizifunele nina utshani noma kuphi lapho nibuthola khona, kodwa umsebenzi wenu awuzukuncishiswa nakancane.”


Izinduna zazibakhaca zithi: “Qedani umsebenzi ngesilinganiso sansuku zonke ebenisenza ngesikhathi nisanikwa utshani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite