Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:9 - IsiZulu 2020

9 “Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nazo zonke izinto zalo, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:9
16 Referans Kwoze  

UMose wathatha amafutha okugcoba, wagcoba ithabanakeli nakho konke okwakuphakathi kulo, wakungcwelisa.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.


osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


UJesu esebhabhadisiwe, waphuma masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, ehlela phezu kwakhe.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


i-althare lethusi, inetha lalo lethusi, izingongolo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, umcengezi nesinqe sawo,


Wenza amafutha okugcoba angcwele, namakha empepho amnandi, ethakwe ngumthaki oyingcweti.


Kanjalo wafafaza ithabanakeli nazo zonke izitsha zenkonzo ngegazi.


Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke.


Wagcotshwa waba yikherubhi elingumlindi; ngakubeka entabeni engcwele kaNkulunkulu, wahamba ematsheni omlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite