Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:17 - IsiZulu 2020

17 Ngenyanga yokuqala ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, ithabanakeli lamiswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwathi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga, lamiswa itabernakele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:17
9 Referans Kwoze  

Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ngonyaka wesibili ngenyanga yokuqala bephumile eGibhithe, wathi:


UMose wenza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile.


UMose walimisa ithabanakeli, wabeka izisekelo zalo, wamisa amapulangwe, wafaka imishayo, wamisa izinsika zalo.


Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:


Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni.


Kwathi ngonyaka wesibili, ngenyanga yesibili, ngolwa-20 lwenyanga, ifu laphakanyiswa phezu kwethabanakeli lobufakazi.


“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite