Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:14 - IsiZulu 2020

14 Uyakuletha futhi namadodana akhe, uwembathise amabhantshi enkonzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ulethe amadodana akhe, uwagqokise izembatho;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:14
11 Referans Kwoze  

Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi.


Uwagcobe njengalokhu wenzile kuyise, ukuze angikhonze engabaphristi. Ukugcotshwa kwabo kuyobangenisa ebuphristini baphakade izizukulwane ngezizukulwane.”


Uyosondeza namadodana akhe, uwagqokise amabhantshi.


UMose waletha namadodana ka-Aroni, wawagqokisa amabhantshi, wawabopha ngamabhande, wawafaka izigqoko njengalokhu uSimakade ayemyalile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite