Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:13 - IsiZulu 2020

13 Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kumelwe umembathise u-Aroni izingubo ezingcwele, umgcobe, umngcwelise; ukuze angikhonze ebupristini.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:13
13 Referans Kwoze  

Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Uyakuletha futhi namadodana akhe, uwembathise amabhantshi enkonzo.


uSimakade ayala ngakho ukuba bakunikwe ngabantu bakwa-Israyeli mhla ebagcoba; kube yisabelo esimisiwe esiphakade ezizukulwaneni zabo.


UMose waletha namadodana ka-Aroni, wawagqokisa amabhantshi, wawabopha ngamabhande, wawafaka izigqoko njengalokhu uSimakade ayemyalile.


Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite