Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 4:12 - IsiZulu 2020

12 Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Hamba manje, mina ngizakuba lomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakutsho.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 4:12
20 Referans Kwoze  

USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele.


INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.”


Wawenza umlomo wami wanjengenkemba ebukhali, wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo omenyezelayo, wangithukusa emgodleni wakhe.


Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba Wena unguNkulunkulu wami, uMoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini ohlelembekile.


Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Kepha wathi: “Nkosi, ngixolele, ngiyakucela ukuba uthumele omunye.”


Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.


Nguye ozokukhulumela kubantu; uyakuba ngumlomo wakho, wena ufane nonkulunkulu kuye.


UMose wathi: “Ngalokhu niyokwazi ukuthi uSimakade ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, angiyenzanga ngokwentando yami.


Ngizobavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, uyobatshela konke engimyala ngakho.


Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite