Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 4:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 INkosi yasisithi kuye: Ngubani owenza umlomo womuntu? Ngubani owenza isimungulu noma isithulu noma obonayo noma oyimpumputhe? Anginayo iNkosi na?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 4:11
18 Referans Kwoze  

Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.


Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.”


Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.”


Kwathi kusihlwa, engakafiki lowo owayekade ephunyuke eJerusalema, isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wawuvula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni. Wavulwa-ke umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa ejele, nabahlezi ebumnyameni ejele.


Wena-ke uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube wusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba awuwakholwanga amazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”


Khona manjalo wavuleka umlomo wakhe nolimi lwakhe lwathombuluka, wayesekhuluma edumisa uNkulunkulu.


Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?”


Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Indlebe ezwayo neso elibonayo, kokubili kwenziwe nguSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite