Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:42 - IsiZulu 2020

42 Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:42
15 Referans Kwoze  

“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe:


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa;


Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


izingubo zokukhonza endaweni engcwele ezenziwe ngokulukiwe, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


Ngahamba, ngayifihla ePheratha njengalokhu uSimakade ayengiyalile.


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.


Ngonyaka we-11, ngenyanga kaBhuli eyinyanga yesishiyagalombili, indlu yase iqediwe ukwakhiwa ngokohlelo okwakumele yakhiwe ngalo. USolomoni wayakha iminyaka eyisikhombisa.


Kabazange baphambuke emiyalweni yenkosi, kubaphristi nakubaLevi, nakokuphathelene nengcebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite