Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:37 - IsiZulu 2020

37 uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nezibani zalo zihleliwe, nakho konke okuhambisana nalo, amafutha okukhanyisa,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 uthi lwezibani oluhlanzekile nezibani zalo, nezibani zokulungiswa, nezinto zalo zonke, namafutha okukhanyisa,

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:37
9 Referans Kwoze  

ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


“Uyokwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uyakulwenza ngomsebenzi ocangcathiweyo, isisekelo salo, nesiqu salo kwenziwe ngegolide elicangcathiweyo; izimbali zokuhlobisa, imiqumbe, namacembe, kube kunye nalo.


itafula nayo yonke impahla yalo, nesinkwa soBukhona bukaSimakade;


i-althare legolide, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo ekungeneni kwethende,


“Uyobayala futhi abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha omnqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zihlale zivutha njalo.


“Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”


U-Aroni wenza kanjalo, wabeka izibani zalo ukuze zikhanyise phambi kothi lwezibani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite