Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:32 - IsiZulu 2020

32 Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:32
24 Referans Kwoze  

Qikelela ukuba lokho ukwenze ngendlela okhonjiswe yona kule ntaba.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


owethembeka kulowo owammisayo, njengoMose naye owayenjalo endlini yakhe yonke.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


UDavide washo wathi: “Konke lokho ngikubhalile ngiqondiswa nguSimakade, yebo, wonke umsebenzi walo mfanekiso.”


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.


Lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare, babegeza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Baliletha ithabanakeli kuMose, ithende, nayo yonke impahla yalo: izinkintsho, amapulangwe, imishayo, izinsika nezisekelo zazo,


Babophela kulo intambo eluhlaza okwesibhakabhaka, base bekubeka ngaphezu kweqhiya; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano, isihlalo somusa esiphezu kwawo, nayo yonke impahla yethende,


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


Ngonyaka we-11, ngenyanga kaBhuli eyinyanga yesishiyagalombili, indlu yase iqediwe ukwakhiwa ngokohlelo okwakumele yakhiwe ngalo. USolomoni wayakha iminyaka eyisikhombisa.


UHiramu wenza leyo micengezi, amafosholo, nezitsha. UHiramu waqeda ukwenza wonke umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite