Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:30 - IsiZulu 2020

30 Benza ucwecwe lomqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, baqopha kulo umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho othi kungcwele kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Benza ungcwecwe womqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, babhala kuye umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho wokuthi: “Wahlukaniselwe uJehova”.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Benza ungcwecwe womqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, baloba kuwo umbhalo njengokuqoshwa kophawu: Ungcwele kuJehova.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:30
11 Referans Kwoze  

Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Ngalolo lusuku kuyakulotshwa ezinsimbini zamahhashi ukuthi: “Kwehlukaniselwe uSimakade,” amabhodwe asendlini kaSimakade ayakuba njengemicengezi phambi kwe-althare.


“Uyokwenza isihenqo sasemnyango wethende ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi womfekethisi.


nebhande lelineni lemicu ephothiweyo, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, okwakwenziwe ngobuciko obukhulu ngumhlobisi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Babophela kulo intambo eluhlaza okwesibhakabhaka, base bekubeka ngaphezu kweqhiya; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite