Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 38:9 - IsiZulu 2020

9 Wenza negceke; ngaseningizimu kwakulenga amakhethini enziwe ngelineni lemicu ephothiweyo ecolekileyo, lingamakhubhithi ayikhulu ubude;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wenza igceke: ohlangothini oluseningizimu, ngaseningizimu, izilenge zegceke zazingelelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 38:9
13 Referans Kwoze  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.


Walungisa igceke nxazonke zethabanakeli ne-althare, walengisa isihenqo sesango lalo. Wawuphothula kanjalo-ke uMose umsebenzi.


Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke.


“Uyokwenza ithabanakeli ngamakhethini alishumi enziwe ngelineni elicolekileyo lemicu ephothwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, nokubomvu. Ingcweti iwahlobise ngamakherubhi.


izinsika zalo zazingama-20, nezisekelo zalo zethusi ezingama-20; izinkintsho zezinsika nezibopho kwakuyisiliva.


amakhethini asegcekeni, isihenqo somnyango wesango legceke elingasethabanakelini nase-althare nxazonke, izintambo zalo, nayo yonke impahla abayisebenzisayo; bayokwenza konke okudinga ukwenziwa maqondana nabo.


namakhethini asegcekeni nekhethini elisemnyango wegceke elizungeze ithabanakeli ne-althare, izintambo zalo, nayo yonke imisebenzi ephathelene nalezo zinto.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite