Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 38:26 - IsiZulu 2020

26 Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 ibheka ngendoda, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 38:26
12 Referans Kwoze  

sebebonke ababalwayo babeyizi-603 550.


Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.


Kuthe sebefikile eKhaphernawume, abaqoqi bemali yethempeli baya kuPhethro, bambuza, bathi: “Kungani umfundisi wenu engayitheli imali yethempeli na?”


“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.


Amathalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izisekelo zendawo engcwele, nezisekelo zesihenqo; izisekelo eziyikhulu zingamathalenta ayikhulu, kuyithalenta isisekelo ngasinye.


“Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;


kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.


Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550.


“Balani inani layo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwezindlu zokhokho babo, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma baye empini.”


Sebebonke abantu bakwa-Israyeli ababalwayo babeyizi-601 730.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite