Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 36:3 - IsiZulu 2020

3 UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bamukela kuMose wonke umhlatshelo abantwana bakwa-Israyeli abawuletha emsebenzini wenkonzo yendlu engcwele ukuba bawenze. Basebemlethela iminikelo yesihle ekuseni njalo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 36:3
11 Referans Kwoze  

Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami.


Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.


Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.


Abaholi baletha amatshe e-oniksi, amatshe engubo yamahlombe aligugu, awesivikelo sesifuba,


UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.


kwaze kwathi bonke abanamakhono ababenza imisebenzi eyehlukene endaweni engcwele beza kuMose, yilowo nalowo esuka emsebenzini ayewenza,


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite