Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 36:2 - IsiZulu 2020

2 UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UMose wabiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abantu abahlakaniphileyo uJehova abapha ukuhlakanipha enhliziyweni yabo, bonke abanhliziyo yabo yayimqhubele ukuba baye emsebenzini ukuwenza.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 36:2
15 Referans Kwoze  

Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.


Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”


Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze:


Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo.


igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani pho othokozela namuhla ukuzehlukanisela uSimakade na?”


“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe:


niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.


Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.


“Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze bangilethele umnikelo, kube yilowo nalowo anikele ngokuthanda kwenhliziyo yakhe; ningilethele umnikelo wami.


“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”


UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla,


Bheka, nazi izigaba zabaphristi nabaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu. Emsebenzini wonke uyothola abantu abazinikele ngenhliziyo nabayizingcweti emisebenzini yonke. Izikhulu nabantu bonke bayakukulalela konke okushoyo.”


Qikelela ukuba lokho ukwenze ngendlela okhonjiswe yona kule ntaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite