Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 36:10 - IsiZulu 2020

10 Bawahlanganisa amakhethini amahlanu baxhuma elinye kwelinye; namanye ayisihlanu bawahlanganisa baxhuma elinye kwelinye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu, wahlanganisa ezinye izilenge eziyisihlanu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 36:10
15 Referans Kwoze  

Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye.


lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.


Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye.


Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba.


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye.


“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganiswe waqina,


Amakhethini ayisihlanu ayothungwa ahlanganiswe ndawonye, kanjalo namanye amakhethini ayisihlanu ayothungwa ahlanganiswe ndawonye.


Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-28, ububanzi balo bungamakhubhithi amane; wonke ayelingana.


Benza izinkintsho ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni engxenyeni engasekugcineni kwamakhethini okuqala, benza kanjalo futhi nasesiqeshini esingasekugcineni kwamakhethini esibili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite