Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 36:1 - IsiZulu 2020

1 “UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khona oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abantu abahlakaniphile ngenhliziyo uJehova abanika ukuhlakanipha nokuqonda ukuze bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova ayekuyalile.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 36:1
19 Referans Kwoze  

Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.


Benza izingubo ezinhle zokukhonza endaweni engcwele ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane nangokubomvu. Benzela u-Aroni izingubo ezingcwele njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


“Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.


khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.


Abozalo lukaKhohathi abanikwanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayingeyabo; isemahlombe abo.


UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.


Wayeyindodana yomfelokazi wesizwana sakwaNafethali, uyise engowaseThire, indoda eyayisebenza ithusi, ihlakaniphile, inokuqonda, futhi inobungcweti bokwenza noma yimuphi umsebenzi wethusi. UHiramu wafika enkosini uSolomoni, wayenzela wonke umsebenzi wayo.


Bheka, nazi izigaba zabaphristi nabaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu. Emsebenzini wonke uyothola abantu abazinikele ngenhliziyo nabayizingcweti emisebenzini yonke. Izikhulu nabantu bonke bayakukulalela konke okushoyo.”


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”


Wayeno-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi wesizwana sakwaDani, umqophi, nengcweti yokuhlobisa, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo.


UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite