Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 35:3 - IsiZulu 2020

3 Aniyukuwubasa umlilo emakhaya enu ngosuku lwesabatha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akumelwe nibase umlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 35:3
9 Referans Kwoze  

wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”


Ngosuku lokuqala niyoba nombuthano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa. Aniyukusebenza ngalezo zinsuku; niyolungisa kuphela lokho okuyobe kuzodliwa ngabantu bonke.


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Uyosebenza ngezinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho,


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.


UMose wathi kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli: “Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi:


“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite