Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:29 - IsiZulu 2020

29 Ngesikhathi uMose ehla entabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezimbili zobufakazi esandleni sakhe, wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngokuba wayekade ekhuluma noSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kwathi uMose ehla entabeni yaseSinayi nezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sikaMose ekwehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula lapho ekhuluma naye.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:29
22 Referans Kwoze  

Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Esakhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nezingubo zakhe zaba mhlophe qwa, zacwebezela.


UMose waphenduka, wehla entabeni ephethe ezandleni zakhe izibhebhe ezimbili zesivumelwano ezazibhalwe nxazombili, zibhalwe ngaphambili nangemuva.


Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.


asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu ukuze abakwa-Israyeli bangakuboni ukufiphala kwenkazimulo ephelayo.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.


Kepha owayephilisiwe wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemonyukile, lokhu kwakukhona isixuku kuleyo ndawo.


Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje.


UPawula wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumphristi omkhulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”


Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?”


Wayengazi ukuthi uthini, ngokuba babesaba kakhulu.


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi.


Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi.


Waphinde wabuyela kubo, wabafica futhi belele, ngokuba amehlo abo ayesinda ubuthongo; abazanga ukuthi bangamphendula bathini.


Lapho abantu bakwa-Israyeli belubona, bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kuyini lokhu na?” Ngokuba babengazi ukuthi kwakuyini lokho. UMose wathi kubo: “Yisinkwa uNkulunkulu aninike sona ukuba nisidle.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”


Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.


Abakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sabo siyakhazimula; uMose wayebumboza ngemvakazi aze ayisuse uma eseyokhuluma noSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite