Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:25 - IsiZulu 2020

25 “Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ungalethi igazi lomhlatshelo wami kanye nemvubelo; futhi umhlatshelo wePhasika ungahlali kuze kube kusasa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:25
12 Referans Kwoze  

“Awuyukuletha kimi igazi lomhlatshelo wami nanoma yini okunemvubelo, noma ugcine amanoni omkhosi wami kuze kube ngakusasa.


Makungasali lutho lwalo kuze kuse, okuyosala kuze kube sekuseni niyokushisa ngomlilo.


Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke.


Inyama yomnikelo wakhe wokubonga ukuthula iyodliwa ngosuku anikele ngalo; akuyukushiywa lutho lwayo kuze kube sekuseni.


Uma kusale inyama yokugcotshwa noma kusale isinkwa kwaze kwaba sekuseni, kuyokushiswa ngomlilo lokho okuseleyo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.


Aniyukudla lutho olunemvubelo; kuzo zonke izindawo enihlala kuzo niyokudla isinkwa esingenamvubelo.’ ”


Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu wesifazane, owathatha imvubelo wayifaka emicengezini emithathu yempuphu, kwaze kwabila konke.”


“ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.


Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite