Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:21 - IsiZulu 2020

21 “Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wosebenza izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa uphumule; ngesikhathi sokuvuna nasekuvuneni wophumula.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:21
13 Referans Kwoze  

“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo.


Amalunga alowo muzi ayokwehlisela isithole esigodini esinomfudlana ogelezayo, esingakaze silinywe noma kutshalwe kuso, bese ephula intamo yesithole khona lapho esigodini.


niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.


Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.


Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyokudla ukudla okuyolisiweyo, okweliwe ngefosholo nangembenge.


Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.


Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.


“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite