Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:18 - IsiZulu 2020

18 “Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi senyanga ka-Abibi; ngoba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:18
15 Referans Kwoze  

Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga kuyoba ngumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuSimakade. Niyokudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


Namuhla, niyaphuma ngenyanga u-Abibi.


Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wabamba noPhethro. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.


Wawususondele umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, okuthiwa yiPhasika.


Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.


“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.


“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.


Kwakungubusuku bomlindo uSimakade abakhipha ngabo eGibhithe. Ngalobo busuku abakwa-Israyeli bayogcina umlindelo kaSimakade izizukulwane ngezizukulwane.


“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.


Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga, kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Uyongenzela imikhosi kathathu ngonyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite