Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa kumelwe nidilize ama-altare abo, niphule izithombe zabo futhi nigawule iziqu zabo zemithi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:13
25 Referans Kwoze  

Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


“Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Thatha inkunzi kayihlo, eyesibili eneminyaka eyisikhombisa, ubhidlize i-althare likaBhali elingelikayihlo, ugawule nensika engcwele eseduze kwalo,


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


bese wakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho phezu kwaleyo nqaba elapho ngokuhlelekileyo, uthathe inkunzi yesibili, uyinikele njengomnikelo wokushiswa phezu kwezinkuni zensika engcwele ozakuyigawula.”


USimakade uyakumshaya u-Israyeli njengomhlanga untengantenga emanzini, amsiphule kuleli lizwe elihle alinika okhokho bakhe, abahlakazele phesheya komfula, ngoba benzele o-Ashera babo izingongolo, bamthukuthelisa uSimakade.


Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,


U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi.


Abasayukuwanaka ama-althare abo, umsebenzi wezandla zabo, abasayukuwubheka kulokho okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-althare empepho.


Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa, kube yisithelo esiphelele sokususa isono sakhe, lapho enza wonke amatshe ase-althare abe yimvithi afane nomcako, kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera, ngisho nama-althare empepho imbala.


Abantwana babo basawakhumbula ama-althare abo nawo-Ashera babo ngasemithini eluhlaza, emagqumeni aphakemeyo.


Ngiyakusiphula izinsika zo-Ashera bakho onabo, ngishabalalise imizi yakho.


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


Babhidliza insika engcwele kaBhali, badiliza indlu kaBhali, bayenza yaba yindlu yendle, kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite