Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:9 - IsiZulu 2020

9 Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:9
17 Referans Kwoze  

Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wayesethi kimi: “Sukuma, hamba uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe lapho.”


Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.”


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


Kwathi ukuba uSimakade aqede ukukhuluma no-Abhrahama, behlukana, u-Abhrahama waphindela ekhaya.


UNkulunkulu eseqedile ukukhuluma no-Abhrahama, wenyuka, wamshiya.


Noma nini lapho uMose eya ethendeni, bonke abantu babesukuma, kube yilowo nalowo ame ngasemnyango wethende lakhe, bambuke uMose aze ayongena ethendeni.


Lapho bonke abantu bebona insika yefu imi ngasemnyango wethende, bonke babesukuma, bakhothame, yilowo nalowo ngasemnyango wethende lakhe.


USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade.


USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


USimakade wabonakala ethendeni esensikeni yefu, insika yefu yema ngasemnyango wethende.


Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite