Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:7 - IsiZulu 2020

7 UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose walithatha itabernakele, walimisa ngaphandle kwekamu, kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Bonke ababeyifuna iNkosi baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:7
17 Referans Kwoze  

Kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba anganizwa.


USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu.


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Simakade, uyakubona; mawungathuli, Nkosi, mawungabi kude nami.


Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”


Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.


UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.


UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.


Abantu bakwa-Israyeli bayihlubula imvunulo yabo kusukela entabeni yaseHorebhe.


Noma nini lapho uMose eya ethendeni, bonke abantu babesukuma, kube yilowo nalowo ame ngasemnyango wethende lakhe, bambuke uMose aze ayongena ethendeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite