Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:6 - IsiZulu 2020

6 Abantu bakwa-Israyeli bayihlubula imvunulo yabo kusukela entabeni yaseHorebhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantwana bakwa-Israyeli bakhumula izivunulo zabo entabeni yaseHorebe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:6
7 Referans Kwoze  

Kwathi ukuba abantu bezwe leyo ndaba embi, bakhala, akwaba bikho muntu owahloba ngobucwebecwebe bakhe.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Bonke abantu bawakhumula amacici ayesezindlebeni zabo, bawaletha ku-Aroni.


UMose wayelusa umhlambi womukhwe wakhe uJethro, umphristi wakwaMidiyani. Wawuqhuba wedlula ehlane, waze wayofika eHorebhe entabeni kaNkulunkulu.


Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”


UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.


Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite