Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:4 - IsiZulu 2020

4 Kwathi ukuba abantu bezwe leyo ndaba embi, bakhala, akwaba bikho muntu owahloba ngobucwebecwebe bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantu sebezwile leli zwi elibi, balila, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:4
20 Referans Kwoze  

UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.


Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.


Imishuqulu yenu iyakuba semakhanda enu, nezimbadada zenu ezinyaweni zenu; ningakhali, ningasikhihli isililo, kodwa-ke niyokonda ngenxa yeziphambeko zenu, nibubulelane omunye komunye.


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


Inhlangano yonke yaphakamisa izwi layo yakhala, abantu bakhala ngalobo busuku.


“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?


nokukhuluma kubaphristi abasendlini kaSimakade Wamabandla nakubaphrofethi, bathi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengoba ngenzile kule minyaka eminingi kangaka, na?”


Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.


Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya izwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli bayihlubula imvunulo yabo kusukela entabeni yaseHorebhe.


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite