Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:3 - IsiZulu 2020

3 Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ezweni elivame ubisi nezinyosi, ngokuba angiyikukhuphukela phakathi kwenu; ngokuba niyisizwe esintamo-lukhuni, funa nginiqede endleleni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:3
33 Referans Kwoze  

Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.”


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


“Khuphuka, uqhele phakathi kwale nhlangano ukuze ngiyibhubhise ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


“Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.”


UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.


UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na?


Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju.


Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.


Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe.


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga.


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”


Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite