Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:16 - IsiZulu 2020

16 Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba kuzokwaziwa kanjani lapha ukuthi mina nabantu bakho ngifumene umusa emehlweni akho na? akusikho ukuthi uhambe nathi na? kanjalo siyakwahlukaniswa, mina nabantu bakho, kubantu bonke abasemhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:16
15 Referans Kwoze  

Yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoba enjalo uSimakade uNkulunkulu wethu noma yinini lapho simbiza, na?


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Ngokuba Wena wazehlukanisela bona phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba, ukuba babe yifa lakho, njengalokho wawukhulumile ngesandla sikaMose, inceku yakho, ngesikhathi ukhipha okhokho bethu eGibhithe, Nkosi Simakade.”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe.


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Yisiphi isizwe esisodwa nje emhlabeni esinjengabantu bakho, u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho, owazihlengela bona eGibhithe ezizweni nakonkulunkulu bazo na?


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.


Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite