Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:11
19 Referans Kwoze  

Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.


Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.


UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.”


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.


ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu, njengomuntu ekhulumela umngani wakhe.


Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?


Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bememeza, wathi kuMose: “Kunomsindo wempi enkanjini.”


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.”


Lapho bonke abantu bebona insika yefu imi ngasemnyango wethende, bonke babesukuma, bakhothame, yilowo nalowo ngasemnyango wethende lakhe.


UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”


Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami.


USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite