Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibabonile lababantu; khangela, bangabantu abanenkani.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:9
19 Referans Kwoze  

“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


“USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”


Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


Ngibone into ehlasimulisayo endlini yakwa-Israyeli: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli uzingcolisile.


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite