Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:33 - IsiZulu 2020

33 USimakade wathi kuMose: “Owonileyo ngiyomesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 INkosi yasisithi kuMozisi: Wonke owonayo kimi, ngizamesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:33
13 Referans Kwoze  

Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


Yilowo nalowo muntu oyokwenza umsebenzi othile ngalolo lusuku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabe esaba khona phakathi kwabantu bakubo.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


Kepha mina ngihluphekile, nginobuhlungu. Nkulunkulu, insindiso yakho mayingilondoloze.


Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite