Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:20 - IsiZulu 2020

20 Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walichoboza, walifafaza phezu kwamanzi, wabaphuzisa abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:20
10 Referans Kwoze  

Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


I-althare elaliseBhethele, nendawo ephakemeyo eyenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, owonisa u-Israyeli, nalelo althare nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayiqothisisa yaba ngumlotha, yashisa no-Ashera.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Badiliza ama-althare oBhali phambi kwakhe, ama-althare empepho ayephezu kwawo, wagawula o-Ashera, izithombe ezibaziweyo nezithombe ezibunjiweyo wakucolisisa, wakuvuvuzela phezu kwamathuna ababekade benikela kukho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite