Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:19 - IsiZulu 2020

19 Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:19
20 Referans Kwoze  

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Ngayinqamula nentonga yami yesibili, uBunye, ukuze ngiqede ubuhlobo phakathi kukaJuda no-Israyeli.


Iphelile intokozo yenhliziyo yethu, ukusina kwethu sekuphenduke ukulila.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


“ ‘Makaqalekiswe ongawagcini amazwi alo mthetho, ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ ”


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


Ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye babo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma, basina.”


UMose wathi: “Akusiwo umsindo wokunqoba, noma wokwehlulwa, kodwa ngizwa umsindo wokuhlabelela.”


USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo.


Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.


Ngiyoloba ezibhebheni amazwi ayekulezo zibhebhe zokuqala owazephulayo, bese uzifaka emphongolweni.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite