Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:17 - IsiZulu 2020

17 Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bememeza, wathi kuMose: “Kunomsindo wempi enkanjini.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona impi ekamu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:17
20 Referans Kwoze  

UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi, uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi. AbakwaMowabi bafele emsindweni, kube ubumayemaye, kukhale icilongo.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


USimakade Wamabandla uzifunga Yena uqobo, uthi: impela ngiyakukuthelekela ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane, ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.


Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu.


Uma kukhala icilongo, lithi: ‘Nakho-ke;’ impi liyihogela isekude, nomsindo wabakhuzi bayo neziqubulo zempi.


Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.”


Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”


UMose wathi: “Akusiwo umsindo wokunqoba, noma wokwehlulwa, kodwa ngizwa umsindo wokuhlabelela.”


Abantu bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma ukuba badlale.


Izibhebhe lezo zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo, ubhalwe nguNkulunkulu, wawuqopha ezibhebheni zamatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite