12 USimakade wathi kuMose:
12 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”
“Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo.
Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.
Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.
Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”
Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.”