Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:33 - IsiZulu 2020

33 Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Loba ngubani obutha into enjengale kumbe obeka enye yazo kowezizweni, kumele axotshwe ebantwini bakibo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:33
27 Referans Kwoze  

Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”


Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


Yilowo nalowo muntu ongayikuzithoba ngalolo lusuku uyonqunywa kubantu bakubo.


Noma ngubani oyoyidla, uyothwala ububi bakhe, ngokuba ungcolise okungcwele kukaSimakade, lowo muntu uyonqunywa kubantu bakubo.


kodwa angawulethi emnyango wethende lokuhlangana ukuba awunikele kuSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Bona uqobo bayodla ukudla okwenzelwe ukubuyisana ukuze bangcweliswe futhi bahlukaniswe, kodwa akuyukuba khona omunye oyokudla lokhu, ngokuba kungcwele.


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo.


Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”


“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


“ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe.


“ ‘Uma umuntu elala nowesifazane osesikhathini, embule ubunqunu bakhe, umembulile esesikhathini, naye uzembulile esesikhathini, ngakho-ke bobabili bayonqunywa kubantu bakubo.


“Yisho kubo uthi: ‘Yilowo nalowo, ozalweni lwenu lonke nakuzo zonke izizukulwane zenu, oyosondela ezintweni ezingcwele abantu bakwa-Israyeli abazehlukanisile njengezingcwele kuSimakade, ebe engcolile, lowo muntu uyonqunywa phambi kwami; nginguSimakade.


“Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi,


“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,


ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.


Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite