Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:29 - IsiZulu 2020

29 Uyokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; konke okuzithintayo kuyakuba ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kumelwe uzingcwelise, ukuze zibe ngcwele kakhulu; konke okubathintayo kuyakuba ngcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:29
10 Referans Kwoze  

“Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na?


Bonke abesilisa phakathi kwezizukulwane zika-Aroni bayokudla lokho, kumisiwe kwaba yisabelo saphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabo, emnikelweni yomlilo kaSimakade; noma yini ewuthintayo iyakuba ngcwele.’ ”


I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?


i-althare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo.


“Uyogcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Uyakugcoba ne-althare lomnikelo wokushiswa nayo yonke impahla yalo, ulingcwelise i-althare, ukuze i-althare libe ngcwelengcwele.


UMose wathatha amafutha okugcoba, wagcoba ithabanakeli nakho konke okwakuphakathi kulo, wakungcwelisa.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite