Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:20 - IsiZulu 2020

20 lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare ukuyokhonza, ukuyokwenza umnikelo wokushiswa kuSimakade, bayogeza ngamanzi ukuze bangafi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho bengena etendeni lokuhlangana, kumelwe bageze ngamanzi, ukuze bangafi; noma besondela e-altare ukukhonza, ukunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:20
14 Referans Kwoze  

Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba wayelulele isandla emphongolweni. Wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe.


U-Aroni namadodana bayakugeza izandla nezinyawo zabo ngalawa manzi,


Bayogeza izandla nezinyawo zabo ukuze bangafi. Lokhu kuyakuba ngumyalo ophakade kubo, kuye nasezizukulwaneni zakhe ngokwezizukulwane zazo.”


ababezogeza ngawo izandla nezinyawo oMose no-Aroni namadodana akhe.


UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.


embethe ibhantshi lelineni elingcwele, efake ibhulukwe lelineni, ezibophe ngebhande lelineni, ethwele umshuqulu welineni. Lezo yizembatho ezingcwele. Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, bese ezigqoka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite