Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:15 - IsiZulu 2020

15 Ocebileyo akayukunikela eqise, kanjalo nompofu akayukunikela kancane kunengxenye yeshekeli lapho niletha lo mnikelo kuSimakade ukuze nihlawulele ukuphila kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ocebileyo angeze akhipha okungaphezu kwalokho, nompofu anganikezi okungaphansi kwengxenye yeshekeli, uma benikela ngomnikelo kuJehova ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:15
12 Referans Kwoze  

Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”


Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.


“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.


Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.


Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.


UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?”


Yilowo nalowo osebaliwe, oneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu uyonikela umnikelo kuSimakade.


Uyothatha imali yenhlawulo kubantu bakwa-Israyeli uyisebenzisele izinkonzo ethendeni lokuhlangana. Iyokuba yisikhumbuzo sesihlengo esenziwa ngenxa yempilo yabo phambi kukaSimakade, kubantu bakwa-Israyeli.”


Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.


“ ‘Bonke abantu bakulelo lizwe bayakuzibandakanya kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite