Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:14 - IsiZulu 2020

14 Yilowo nalowo osebaliwe, oneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu uyonikela umnikelo kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wonke umuntu odabula kwababaliweyo, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:14
10 Referans Kwoze  

Abozalo lukaRubeni izibulo lika-Israyeli, nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngokolibo lwabo, ngemindeni yabo nangokwezizwana zokhokho babo, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ababeneminyaka engama-20 nangaphezulu abase bengaya empini:


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo.


“Balani inani layo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwezindlu zokhokho babo, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma baye empini.”


Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami,


ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa,


kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.


Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.


Ocebileyo akayukunikela eqise, kanjalo nompofu akayukunikela kancane kunengxenye yeshekeli lapho niletha lo mnikelo kuSimakade ukuze nihlawulele ukuphila kwenu.


“ ‘Bonke abantu bakulelo lizwe bayakuzibandakanya kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.


Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite