Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:20 - IsiZulu 2020

20 Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:20
30 Referans Kwoze  

Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,


Manje ngiselulile isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo, nishabalale emhlabeni.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu.


Benza amaqebelengwane ngenhlama ababephume nayo eGibhithe; yayingenamvubelo ngokuba babexoshiwe eGibhithe bengasenakulinda, noma bagaye umphako.


“ ‘ “Ngifunga ngiyagomela; impela ngesandla esinamandla, nangengalo eluliweyo, nangolaka olutheliweyo; ngiyakubusa phezu kwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


USimakade uyolishaya iGibhithe, alishaye abuye aliphilise; bayobuyela kuSimakade, bamnxuse, abaphulukise.


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


Wabamba amalunga omuzi, wathatha ameva asehlane, nogagane, wanenebula abantu baseSukhothi.


uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Kepha ngiyosijezisa isizwe esiyobe siyigqilazile, kuthi ekugcineni iphume isinefa elikhulu.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


“Njengasemihleni yokuphuma kwakho eGibhithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite