Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:19 - IsiZulu 2020

19 Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikunivumela ukuba nihambe, cha, kungengasandla esinamandla.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:19
13 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


UFaro wathi: “Ngizonivumela nihambe niyokwethula umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wenu ehlane, kuphela nje uma ningezukuya kude. Ningikhulekele nami.”


UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengoba uSimakade ayeshilo ngoMose.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.”


UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe.


Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite