Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:12 - IsiZulu 2020

12 Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi: “Impela ngiyakuba nawe; lokhu kuyoba yisibonakaliso kuwe sokuthi ngikuthumile: Uma uhole abantu eGibhithe, kumelwe nikhonze uNkulunkulu kule ntaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:12
43 Referans Kwoze  

Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


USimakade wathi kuJakobe: “Phindela ezweni lokhokho bakho nasezihlotsheni zakho, Mina ngizoba nawe.”


Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.


Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: “Kulo nyaka niyokudla okuzimileleyo, ngonyaka wesibili nidle okumila kulokho, ngonyaka wesithathu hlwanyelani nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


uyokuzwa abakushoyo, emveni kwalokho uyakuqina idolo, wehlele enkanjini.” Wahamba noPhura, inceku yakhe, waya emaphethelweni alabo abahlomile ababesenkanjini.


Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe.


Wayesethi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngikhombise isibonakaliso sokuthi nguwena okhuluma nami.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


U-Abhrama wathi kuye: “Nkosi Simakade, ngiyokwazi kanjani ukuthi liyokuba yifa lami na?”


Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’


UMose wayelusa umhlambi womukhwe wakhe uJethro, umphristi wakwaMidiyani. Wawuqhuba wedlula ehlane, waze wayofika eHorebhe entabeni kaNkulunkulu.


UMose wathi kuNkulunkulu: “Uma ngifika kubantu bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu woyihlo ungithumile,’ bese bengibuza bethi: ‘Ngubani igama lakhe na?’ ngiyakuthini kubo na?”


UJethro, umukhwe kaMose, wafika ehlane lapho uMose ayekanise khona entabeni kaNkulunkulu, nomkaMose namadodana akhe.


USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”


UMose wathi: “Ngalokhu niyokwazi ukuthi uSimakade ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, angiyenzanga ngokwentando yami.


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: niyakudla ngalo nyaka okuzikhulelayo, nangonyaka wesibili isihlabane, nangonyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu siye ehlane, sethule umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wethu njengalokhu esiyalile.”


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye, yathi: “USimakade unawe, qhawe elinamandla.”


Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uSimakade uyakubanikela esandleni sethu; lokho kuyakuba yisibonakaliso kithi.”


UFinehasi, indodana ka-Eleyazare owayebengamele ngesikhathi esidlulileyo, uSimakade wayenaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite