Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:9 - IsiZulu 2020

9 Uyobopha u-Aroni namadodana akhe ngemibhunkulo okhalo lwabo, ubathwese nezigqoko, ubuphristi buyakuba ngobabo ngokwesimiso saphakade. Uyakumbeka kanjalo u-Aroni namadodana akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ubabophe amabhande, u-Aroni namadodana akhe, ufake izigqoko zabo; futhi ubupristi buyoba obo njengesimiso saphakade; uyakubangcwelisa u-Aroni namadodana akhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:9
22 Referans Kwoze  

Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ukhethe yena kuzo zonke izizwe zakini ukuba ame, akhonze egameni likaSimakade, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.


Siyakuba ngesakhe nezizukulwane zakhe, kube yisivumelwano sobuphristi obuphakade, ngokuba ube nentshisekelo ngoNkulunkulu wakhe, wenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


futhi ukusondezile wena nabafowenu bonke, bozalo lukaLevi kanye nawe, manje senifisa nobuphristi na?


Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


Aniyukuphuma emnyango wethende lokuhlangana kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba ukubekwa kuyizinsuku eziyisikhombisa.


Uwagcobe njengalokhu wenzile kuyise, ukuze angikhonze engabaphristi. Ukugcotshwa kwabo kuyobangenisa ebuphristini baphakade izizukulwane ngezizukulwane.”


Wabizwa nguNkulunkulu ngokuthi ungumphristi omkhulu ngokokuma kukaMelkhizedeki.


UMose wayesethi: “Namhlanje nizehlukanisele umsebenzi kaSimakade, ngokuba yilowo nalowo umelene nendodana yakhe, nomfowabo, ngaleyo ndlela nazilethela isibusiso namuhla.”


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


UMose waletha namadodana ka-Aroni, wawagqokisa amabhantshi, wawabopha ngamabhande, wawafaka izigqoko njengalokhu uSimakade ayemyalile.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Leyo ndoda enguMikha yayinendlu enonkulunkulu, yenza ingubo yamahlombe netherafimi, yabeka enye yamadodana ayo ukuba ibe ngumphristi wayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite