Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:7 - IsiZulu 2020

7 Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe uthathe amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe umgcobe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:7
15 Referans Kwoze  

Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.


“ ‘Ongumphristi ophakanyisiwe phakathi kwabafowabo, lowo owathelwa ngamafutha okugcoba ekhanda lakhe, wehlukaniswa ukuba embathe izembatho, akayukuwaqhaqha amagoda ekhanda lakhe, noma aklebhule izembatho zakhe,


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Ningaphumi emnyango wethende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaSimakade aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.


Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Akayukuphuma endaweni engcwele, akayukuyihlambalaza indawo kaNkulunkulu wakhe engcwele, ngokuba ukungcweliswa kwamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe kuphezu kwakhe; nginguSimakade.


Yayisithi: “Lawa ngamadodana agcotshiweyo, ame ngakuMnuzane womhlaba wonke.”


Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi.


Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite