Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:43 - IsiZulu 2020

43 Ngiyohlangana nabantu bakwa-Israyeli lapho, leyo ndawo iyakungcweliswa yinkazimulo yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwa-Israyeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Lapho ngiyohlangana nabantwana bakwa-Israyeli, futhi itabernakele liyongcweliswa ngenkazimulo yami.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:43
20 Referans Kwoze  

abaphristi abakwazanga ukuqhubeka nokukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu yakhe.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.


Abaphristi abakwazanga ukuba ngaphakathi ukuze bakhonze, ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


“Lowo kuyokuba ngumnikelo wokushiswa imihla ngemihla, izizukulwane ngezizukulwane, oyokwenziwa ngasemnyango wethende lokuhlangana, phambi kukaSimakade, lapho ngiyohlangana nani ukuba ngikhulume nani khona.


“Ngiyongcwelisa ithende lokuhlangana ne-althare, ngingcwelise u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze bengabaphristi.


nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”


UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.


UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite