Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:22 - IsiZulu 2020

22 “Uyothatha amanoni enqama, amanoni omsila, umhlwehlwe, amanoni asesibindini, izinso zombili namanoni azo, nomlenze wangakwesokudla, ngokuba yinqama yokubekwa kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Wothabatha enqameni amanoni, nomlenze, namanoni asibekela izibilini, nensalela ephezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wesokunene; ngoba iyinqama yokwahlukaniselwa;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:22
14 Referans Kwoze  

Uyowathatha wonke amafutha emboze okwangaphakathi, namanoni asesibindini, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-althare.


Inyama yalo iyoba ngeyakho: isifuba sokuzungeziswa nomlenze wangakwesokunene kuyoba ngokwakho.


Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.


izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.


amanoni enkunzi, awenqama, awomsila ononileyo, umhlwehlwe, namanoni ezinso nawesibindi,


Uyakunikela ngawo wonke amanoni awo; umsila ononileyo, nomhlwehlwe,


Amanoni alo awathathe emnikelweni wokuthula, uyowanikela abe ngumnikelo womlilo kuSimakade: wonke umsila walo osikwe emgogodleni, amanoni emboze ezangaphakathi, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi,


Uyothatha ingxenye yegazi elise-althare namafutha okugcoba ufafaze ngakho u-Aroni nezingubo zakhe, namadodana akhe nezingubo zawo, ngakho-ke yena nezingubo zakhe uyokuba ngcwele, kanjalo namadodana akhe nezingubo zawo.


Uyothatha eqomeni elethulwe phambi kukaSimakade, isinkwa, neqebelengwane lesinkwa esinamafutha, nekhekheba,


Lena yindlela yomthetho eyolandelwa yeminikelo yokushiswa neminikelo yokusanhlamvu, neminikelo yesono, neminikelo yecala, nowokwehlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,


Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokhu ngithe ngimeme abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo lusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite