Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:21 - IsiZulu 2020

21 Uyothatha ingxenye yegazi elise-althare namafutha okugcoba ufafaze ngakho u-Aroni nezingubo zakhe, namadodana akhe nezingubo zawo, ngakho-ke yena nezingubo zakhe uyokuba ngcwele, kanjalo namadodana akhe nezingubo zawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kumelwe uthathe elinye igazi elise-altare nasemafutheni okugcoba, ufafaze ngawo u-Aroni nasezingutsheni zakhe naphezu kwamadodana akhe nasezingutsheni zamadodana akhe kanye naye; kumelwe angcweliswe, kanye nezingubo zakhe namadodana akhe nezingubo zamadodana akhe kanye naye.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:21
16 Referans Kwoze  

Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.


UMose wathatha amafutha okugcoba, negazi elalise-althare, wafafaza ngalo u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe ayenawo lapho nezembatho zawo, wamngcwelisa u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe nezembatho zawo.


Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


“Yilokhu oyokwenza lapho usubehlukanisa ukuze bangikhonze bengabaphristi. Thatha iduna lenkomo, izinqama ezimbili okungenasici,


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.


Amafutha asele esandleni somphristi uyowagcoba ekhanda lohlanjululwayo ukumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade.


Uyoyihlaba inqama, bese uthatha ingxenye yegazi layo uninde indlebe ka-Aroni yakwesokunene, izindlebe zakwesokunene zamadodana akhe, izithupha zakwesokunene zezandla zabo, noqukula babo bezinyawo zakwesokunene, bese igazi ulifafaza nxazonke ze-althare.


“Uyothatha amanoni enqama, amanoni omsila, umhlwehlwe, amanoni asesibindini, izinso zombili namanoni azo, nomlenze wangakwesokudla, ngokuba yinqama yokubekwa kwabo.


UMose wayihlaba, wathatha ingxenye yegazi layo walibheca endlebeni ka-Aroni yesokunene, nasesithupheni sesandla sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene.


Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite