Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 29:1 - IsiZulu 2020

1 “Yilokhu oyokwenza lapho usubehlukanisa ukuze bangikhonze bengabaphristi. Thatha iduna lenkomo, izinqama ezimbili okungenasici,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Nansi indaba oyakuyenza kubo ukubangcwelisa, bangikhonze esikhundleni sobupristi: Thatha ijongosi elilodwa leduna nezinqama ezimbili ezingenasici,

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 29:1
23 Referans Kwoze  

kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.


Aniyukunikela nganoma ngani enesici, ngokuba aniyukwemukeleka.


U-Aroni uyongena endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, inqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,


Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade.


Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi,


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


Uyothatha ingxenye yegazi elise-althare namafutha okugcoba ufafaze ngakho u-Aroni nezingubo zakhe, namadodana akhe nezingubo zawo, ngakho-ke yena nezingubo zakhe uyokuba ngcwele, kanjalo namadodana akhe nezingubo zawo.


Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.


Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Kuyakuthi lapho usuqedile ukulihlambulula, bese unikela ngeduna elingenasici, nangenqama engenasici.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Umlilo uyohlala uvutha njalo e-althare, ungacinywa.


Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi,


Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite